Robbie malinga biography
Robbie Malinga - Wikipedia.
Robbie Malinga
URobinson Malinga (08 kuLwezi 1968 - 25 kuZibandlela 2017) owayaziwa kakhulu ngegama lika Robbie wabe engumculi, umbhali wamaculo kanye nomdidiyeli womculo waseNingizimu Afrika.
Robbie malinga biography
OkaMalinga waba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni amakhono omculo kwiningi labaculi baseNingizimu Afrika okubalwa kubo uKabelo, Arthur Mafokate, uMzekezeke kanye nabanye abaningi[1]. Isasasa lake elikhulu belisemculweni wohlobo lwe-Afro Pop lapho asebenzisana kakhulu noKelly Khumalo.
Isendlalela
[hlela | Hlela umthombo]URobbie Malinga wazalelwa elokishini laseMeadowlands, eSoweto. Uthando lomculo laqala esemcane lapho ayetikata khona ipiyano esontweni. Wayewutikata upiyano naye engazi ukuthi wenzani ekhipha imisindo engena shuni, kodwa wazitshela ukuthi uzogcina ekhiphe ishuni yakhe emangalisayo.
Njalo ngamaSonto wazijweza ukudlala ipiyano lapho waze wagcina eyitholile ishuni ayakade eyifuna, lapha wagcina sekunguye umdlali wepiyano esontweni [2]
Wafundela ukwe